Azikahlonzwa izingane ezatholwa emgqonyeni zishonile

Johannesburg - Izidumbu zezingane ezimbili ezatholwa zilahlwe emigqonyeni eFourways namanje bezingakahlonzwa.

Lezi zingane zatholwa ezigamekweni ezimbili ezahlukene kuleli sonto kanti zombili zatholwa abantu ababedlula ngendlela.

OLUNYE UDABA:Kutholwe izingane ezimbili emgqonyeni izinsuku zilandelana eGoli

Amaphoyisa njengamanje aphenya amacala amabili okufihlwa kokuzalwa kwezingane.

Okhulumela amaphoyisa uMpho Kgasoane uthe: "Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka, kodwa ibingakabikhona imikhondo. Siyacela kumalungu omphakathi angase abenolwazi ngezigameko axhumane namaphoyisa."

Lokhu kulandela ukuvela kwezindaba ezithi amaphoyisa aphenya amacala amabili okufihlwa kokuzalwa kwezingane kulandela ukutholakala kwezo emgqonyeni eDouglasdale.

"Enye yalezi zingane ezishonile itholwe ngeSonto ekuseni ekhoneni likaDouglas noLeslie Drive kanti enye itholwe ngoMsombuluko ekuseni ekhoneni likaMalgas noPipers Road eDouglasdale," kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Mpho Kgasoane ngoLwesibili.

Kuzo zombili izigameko, izidumbu zitholwe ngabantu abebedlula ngendlela. Akukaboshwa muntu okwamanje, usho njalo.

Uphenyo kulezi zigameko luzoqhubeka, nakuba kunjalo, uKgasoane unxuse amalungu omphakathi ukuba angazilahli izingane kodwa axhumane noMnyango wabezeNhlalakahle eGoli.

Ingane yokuqala itholwe yisakhamuzi ebesizihambela ekuseni nomngani waso kanti ingane yesibili itholwe emgqonyeni wumuntu ohlala emgwaqeni obezifunela ukudla.

 - EWN

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
47% - 7525 votes
It's four more years for Trump
53% - 8644 votes
Vote
ZAR/USD
16.19
(-0.10)
ZAR/GBP
21.11
(-0.12)
ZAR/EUR
19.19
(-0.12)
ZAR/AUD
11.55
(-0.13)
ZAR/JPY
0.15
(-0.14)
Gold
1901.55
(+0.01)
Silver
24.57
(+0.10)
Platinum
902.03
(+0.40)
Brent Crude
41.85
(-1.66)
Palladium
2378.04
(+0.61)
All Share
55339.58
(+0.99)
Top 40
50692.28
(+0.83)
Financial 15
10790.70
(+3.99)
Industrial 25
74905.70
(+1.05)
Resource 10
52561.57
(-0.49)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo