KwaMaphumulo - UKhanyisile Chiliza,60, udinwe ugane unwabu njengoba esola uThandekile Mhlongo,72, ngokweba izinkukhu zakhe, kubika iDaily Sun.
UGogo Khanyisile uthi wayenesikhukhukazi esasesizochamisela kanti sasijweyele ukuyaluza egcekeni lika gogo uThandekile.
UKhanyisile uthi kwadingeka ukuba athuthe ngoNovemba odlule, washiya isikhukhukazi sakhe nokaMhlongo.
Funda nalolu daba:Baboshiwe ababulale izinkukhu ezingu-920
“Ngangithi ngizobuya ngiyilande isichamselile namatshwele asekhulile bese ngiyazithatha,”kusho okaChiliza.
Lo gogo uthi wathumela indodana yakhe ukuba iyozilanda kodwa yabuya namatshwele amathathu kuphela esikhundleni sangu-8.
OkaChiliza usola okaMhlongo ngokumkhohlisa ngokuthi afile amanye amatshwele kodwa isikhukhukazi silokhu siyachamisela.
“Ngisho kunjalo, isikhukhukazi sami sasichamisela kathathu, zikuphi lezo zinkukhu, ngisho sikhuluma njengamanje, lesi sikhukhukazi sisachamisela.