Babongwe ngokwelulelwa ikhefu abeSundowns

Cape Town – Kubukeka sengathi iMamelodi Sundowns isibonge abadlali bayo ngomsebenzi abawenzile bewina isicoco seCAF Champions League ngokuthi ibanikeze ikhefu elengeziwe kuze kube umhla zingu-18 kuJanuwari.

Ngaphambi kwalo mqhudelwano amaBrazilians abesedlale isikhathi eside emidlalweni yemiqhudelwano eyehlukene ngenxa yomkhankaso wabo e-Afrika kanye nokubamba iqhaza emidlalweni yeFIFA Club World Cup ebiseJapan ngoDisemba, ngonyaka owedlule.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: ISundowns ikhethwe njengeqembu lonyaka yiCAF

Kubukeka sengathi iSundowns izoba ngelinye lamaqembu azobuyela kamuva ekuziqeqesheni ukulungiselela ingxenye yesibili yesizini. Amanye amaqembu asevele aseqalile ukuziqeqesha njengoba kubikwa nokuthi iKaizer Chiefs ibuyele ensimini ngomhlaka-6 kuJanuwari.

Oyi Communications Co-ordinator kuSundowns, uThulani Thuswa, ukuqinisekisile kuSoccer Laduma ukuthi leli qembu lizoze liqale ukuziqeqesha maphakathi noJanuwari, nalapho bezobe bezilungiselela ukuvikela isicoco sePSL kanye neCAF Champions League.

Ngaphezu kwalokho, leli qembu eliqeqeshwa nguPitso Mosimane lisasalelwe umthwalo njengoba lona lisalele emuva ngemidlalo engu-6 kuneningi lamanye amaqembu.

 

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
47% - 7786 votes
It's four more years for Trump
53% - 8940 votes
Vote
All Share
55339.58
(+0.99)
Top 40
50692.28
(+0.83)
Financial 15
10790.70
(+3.99)
Industrial 25
74905.70
(+1.05)
Resource 10
52561.57
(-0.49)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo