Baboshiwe abadubule umfana emhlani begebenga kubo

eThekwini - Amaphoyisa akwaZulu-Natal abophe amadoda amabili asolwa ngokudubula umfana emhlani ngesikhathi kugqekezwa kubo.

Kuthiwa lawa madoda adubula lo mfana ngesikhathi egqekeza emzini oku-R102 Old Main Road ePennington ngomhlaka 20 kwephezululu.

Kwavulwa icala lokugebenga kanye nelokuzama ukubulala emaphoyiseni aseScottburgh.

NgoMsombuluko, amaphoyisa alunywa indlebe ngabasolwa ababili abebecashe endaweni yaseDududu.

OLUNYE UDABA:Kushone oyedwa kwalimala omunye esigamekweni esenzeke kwaChicken Licken

"Kwalandelwa umkhondo wabo kwazwe kwafikwa emzini oseDududu, ngesikhathi bebona amaphoyisa, umsolwa owakhupha isibhamu ezama ukuhlasela amaphoyisa.

"Amaphoyisa aphindisela ngenhlamvu wadubuleka esifubeni,"kusho uKaputeni Nqobile Gwala okhulumela amaphoyisa.

Bobabili laba basolwa baboshelwe khona lapho kwatholakala nesibhamu sohlobo lwe-9mm kanye nezinhlamvu. 

Umsolwa olimele uqashwe ngawokhozi esibhedlela.

Ngosuku lobugebengu

Ngosuku lobugebengu, kuthiwa ubaba walo mfana wahamba ekhaya ngo-03h00 ekuseni lomfana wavala umnyango wangawukhiya.

"Ngemuva kwesikhashana waphuma eyohlola ukuthi kwenzenjani ngesikhathi ezwa izinja zikhonkotha nokuyilapho abona amadoda amabili ethephe iTV ne-laptop kusukela endlini,"kusho uGwala.

Oyedwa walawa madoda ubehlome ngesibhamu wakhomba lomfana, 17, ngesikhathi ezama ukubalwisa. Kuphume umfowabo omncane, 14, okunguyena odubuleke emhlani ngesikhathi ephuma ezobona ukuthi kwenzenjani.


We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
As a child or as an adult, have you ever been a victim of bullying?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, at school
55% - 2122 votes
Yes, at work
17% - 655 votes
No, I've never experienced this
28% - 1073 votes
Vote
USD/ZAR
14.22
(-0.8)
GBP/ZAR
19.89
(+0.3)
EUR/ZAR
17.12
(-0.2)
AUD/ZAR
11.03
(-0.4)
JPY/ZAR
0.13
(-0.2)
Gold
1,770.56
(-0.3)
Silver
25.83
(-0.6)
Platinum
1,209.50
(+0.5)
Brent Crude
66.77
(-0.3)
Palladium
2,816.66
(+1.3)
All Share
68,094
(-0.9)
Top 40
62,326
(-0.9)
Financial 15
12,417
(-0.2)
Industrial 25
88,303
(-1.2)
Resource 10
69,786
(-0.8)
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo