Durban - Ucwaningo mayelana nezinga lobudegengu kuleli lubonisa ukuthi ziyanda izigameko zokugetshengwa kwezimoto zemali kuleli.
Amaphoyisa kumele azame ezinye izinhlelo zokunqanda ukugetshengwa kwezimoto eziphatha imali.
Ucwaningo lubonisa ukuthi ukubanjwa kwezimoto zemali kanye nokugetshengwa kwama-ATM kunyuke ngo-15.1%.
OLUNYE UDABA:Umehlokaboni ka-R1m ngolwazi lwabagebenge imoto yemali
“Ubugebengu obuhleliwe bubonakala budlondlobala njengoba kubikwe izigameko ezingu-137 zalolu hlobo lobugebengu ngonyaka wezimali ka-2015/16.
Kuthiwa izigebengi zinemandla okuhloma ngazo zonke izikhali ezinobungozi, ngisho nangeziqhumane futhi lokhu kubonisa ukuthi zisuke zihlele kahle ngalokhu.