Bafuna kuphenywe ngomdlali we-PSL 'osayiniswe ekhonjwe ngesibhamu'

Durban – ISouth African Football Players Union (Safpu) isinqumele i-SAFA ugwayi katiki ngokuthi iqalise uphenyo mayelana nezinsolo ezithi kunomdlali owasayiniswa inkontileka ekhonjwe ngesibhamu.

Umdlali weGolden Arrows uCliffton Miheso uthi wasayiniswa ngenkani kwathiwa uma engafuni kukhona okusina kumjeqeza.

ISafpu isabisa ngokudlulisela lolu daba ku-Fifa uma i-SAFA ingalusukumeli ngokushesha.

UNobhala weSafpu uThulaganyo Gaoshubelwe uthi uMiheso, owayeqashwe yi-Arrows ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, uqinisekisile kuye ukuthi senzeka lesi sigameko kanti usevule icala esiteshini samaphoyisa eThekwini.

OLUNYE UDABA: Umdlali uthi uyazisola ngokujoyina iChiefs

Isikhulu se-SAFA uDennis Mumble uthi abakaze bacelwe ukuba bangenelele kulolu daba.

“Kunzima ukuthi ngingaphendula ngalesi sigameko ngoba anginalo ulwazi olugcwele ngaso. Uma kuwukuthi ngempela kwenzeka lokhu, siyakugxeka kakhulu,” esho.

USihlalo we-Arrows uMato Madlala umile kwelokuthi uMiheso akazange asayiniswe inkontileka ephoqiwe.

“Akekho umdlali owasayiniswa inkontileka ngenkani, futhi angisathandi ukukhuluma ngalolu daba,” kusho uMadlala.

Thola udaba oluphelele kuSowetan.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When planning for the Black Friday sales do you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Save, research and plan ahead, preparing to make the most of it?
8% - 957 votes
Wait and see what looks like a good deal on the day?
14% - 1799 votes
Have no interest in spending more money this year?
78% - 9908 votes
Vote
ZAR/USD
15.12
(+0.36)
ZAR/GBP
20.24
(+0.23)
ZAR/EUR
18.02
(+0.24)
ZAR/AUD
11.14
(+0.40)
ZAR/JPY
0.14
(+0.35)
Gold
1806.39
(-0.14)
Silver
23.32
(+0.29)
Platinum
965.00
(+0.83)
Brent Crude
47.84
(+3.78)
Palladium
2323.00
(-0.13)
All Share
57742.19
(-0.03)
Top 40
52940.79
(-0.20)
Financial 15
11641.10
(-0.29)
Industrial 25
79835.50
(-0.36)
Resource 10
52605.42
(+0.07)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo