Kandahar – Balinganiselwa kwabangu-35 abantu abashone ngeSonto ngesikhathi ibhasi lishayisana neloli elithwala uphethiloli kwagqamuka amalangabi omlilo eningizimi yezwe lase-Afghanistan.
Iningi lezisulu, okubalwa nabesifazane kanye nezingane, bashe bangqongqa engozini eyenzeke esifundazweni saseZabul.
"Abagibeli ebebesebhasini bebephuma eKandahar beya eKabul ngesikhathi lishayisana neloli elithwala uphethiloli endaweni yaseJildak eZabul," kusho undunankulu wesifundazwe uBismillah Afghanmal etshela i-AFP.
Funda nalolu daba: Kuboshwe uthisha wasenkulisa ngokushaya izingane
"Ingozi ibulale abantu abangu-35, yashiya kulimele abangaphezu kwabangu-20.”
Abalimele baphuthunyiswe ezibhedlela ezahlulekene.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.