eThekwini - Namuhla bekungelamanqamu eNkantolo eNkulu yasePietermaritzburg lapho bekulalelwe khona icala lamabandla amaNazaretha.
Leli cala selineminyaka liqulwa ezinkantolo kanti ngo-Okthoba 2016, inkantolo yaseThekwini yakhipha isinqumo sokuthi iNkosi uVela "Imisebeyelanga" Shembe wuyena mhloli ofanelekile ukuhola leli bandla lamaNazaretha.
Ngemuva kokukhishwa kwalesi sinqumu iNkosi uMduduzi "Nyazilwezulu" Shembe yathatha isinqumo sokuthi izosidlulisela phambili isinqumo sale nkantolo.
Umholi waseBuhleni, uNyazilwezulu (uMduduzi Shembe), lwathatha izintambo kuleli bandla ngemuva kokushona koThingo lweNkosazana, uVimbeni Shembe.
Lokhu kwenzeka ngale kokuthi iMisebeyelanga okungumholi waseThembezinhle kwavela ukuthi, wayeqokwe wuThingo ukuba ahole amaNazaretha aseBuhleni emva kokuhamba kwalo.
Lokhu kwaholela ekutheni iMisebe iye enkantolo iyomangala nokuyilapho inkantolo yavuna yena njengomholi ofanelekile.
OLUNYE UDABA:I-ANC eKZN izwakalise ukudabuka ngokukhothama kweNkosi uVela Shembe
IMisebeyelanga yawina ngo-Okthoba 2016 yizi icala lidluliselwe phambili, kalibanga lisasizwa isinqumo sale nkantolo njengoba yakhothama ngoNovemba wangonyaka odlule.
Lokhu kakuzange kulithene amandla ibandla lakhe nokuyilona bandla elinace kunalelo eliholwa wuNyazilwezulu.
NgoLwesithathu, lawa mabandla ahlangene ukuzolalela isinqumo sokudluliswa kwaleli cala nokuyisinqumo esigcine sesiphuma namuhla (ngoLwesihlanu).
Le nkantolo ikhiphe phambili umholi webandla laseThembezinhle njengokunguyena yena ofanale ukuhola eBuhleni.