Bathi akayekwe phansi uZuma

Durban  - Abahamba phambili emkhankasweni wokweseka lowo obengumengameli kuleli uJcob Zuma, emacaleni enkohlakalo abhekene nawo eNkantolo eNkulu eThekwini, bathi noma engapendwa ngodaka kodwa ngeke bagudluke ekumesekeni.

Lokhu kulandela ukuba inqwaba yabantu ezinkundleni zokuxhumana ezahlukene ikhwele yadilika kuZuma, imgxeka mayelana nodaba olusabalale ngoLwesihlanu lokuthi uzothatha enye inkosikazi.

Okugqamile okususe umsindo nokuyikho abantu abaningi abaphawule ngakho wukuthio lo wesifazane okuthiwa uzogcagcela kwaZuma, uNonkanyiso Chonco waseMatatiele, mncane kakhulu ngokweminyaka njengoba kuthiwa uneminyaka engu-24 ubudala kanti uZuma uneminyaka engu-76.

OLUNYE UDABA:Owesifazane waseBallito uqinisekisa eyokushada noJacob Zuma

Kuvele emithonjeni eyahlukene yezindaba nokuthi uChonco uzalele uZuma ingane ngeSonto eledlule kwesinye sezibhedlela esiseHillcrest, entshonalanga yeTheku.

UMfundisi Vusi Duve waseThekwini Community Church (ECC), ungomunye walaba abahamba phambili kulaba abeseka uZuma ugxeke abezindaba, wathi sebemgibela ekhanda uZuma, sebegaxele kakhulu ezindabeni zakhe, abamhloniphi.

Uthi akukho nto ezopgazamisa ekwesekeni uZum, umkhankaso wabo uyaqhubeka. Utshele intatheli ukuthi abafuni nakuyingena nje ethinta izindaba zakhe zasekhaya.

Omunye futhi ophambili kulo mkhankaso, uBishop Bheki Ngcobo weNkanyezi Vhurch of Christ, ophinde abe nguSihlalo weNational Interfaith Council of South Africa (NICSA), uthe abajiki ekwesekeni uZuma.

Uthi sebezwile ngale ndaba noma ingakafiki kubo ngokusemthethweni. Nye uyakuhlaba ukuthi kuthiwe uChonco muncane kunoZuma ngokweminyaka ngoba eNingizimu Afrika awukho umthetho othi ungaganwa ngumuntu ongakanani, inqobo nje uma esephumile esigabeni sokuba yingane (okuyiminyaka engaphansi kwengu-18 yobudala).

Thola udaba oluphelele kwiphephandaba ILANGA LangeSonto.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
38% - 3720 votes
I'll wait to see how others respond
26% - 2536 votes
No, I don't think they need it
37% - 3606 votes
Vote
ZAR/USD
15.05
(+0.07)
ZAR/GBP
21.06
(-0.30)
ZAR/EUR
18.11
(+0.33)
ZAR/AUD
11.72
(-0.19)
ZAR/JPY
0.14
(+0.67)
Gold
1719.12
(+0.51)
Silver
26.10
(+0.39)
Platinum
1169.76
(+1.31)
Brent Crude
63.94
(+2.19)
Palladium
2366.00
(+1.46)
All Share
68122.96
(-0.30)
Top 40
62642.21
(-0.35)
Financial 15
12752.73
(+1.44)
Industrial 25
88404.64
(-1.42)
Resource 10
69559.85
(+0.48)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo