Durban - Amadoda amabili asolwa ngokubulala ilungu eliqavile le-South African Communist Party (SACP) uNsiki Blose avelile eNkantolo yeMantshu yaseCamperdown namuhla (ngoLwesihlanu).
Okhulumela iNational Prosecuting Authority uNatasha Kara uthe bathweswe icala lokubulala nokukhomba ngesibhamu.
OLUNYE UDABA: Bazovela kusasa abasolwa ngokubulala eNchanga
Bobabili abasolwa bagcine esitokisini izinsuku eziyisikhombisa ukuze kuzokwenziwa umbukiso wokukhomba.
UKara uthe la madoda awakwazukudalulwa amagama awo noma athwetshulwe kuze kube wukuthi kwenziwa umbukiso wokukhomba.
UBlose, 40, wadutshulwa wabulawa eduzane nethaveni eNchanga ngaphandle kwasePietermaritzburg ngeSonto.
NgoMsombuluko ekuseni uXolani Ngcobo okubikwe ukuthi uyilungu le-ANCYL ubulewe okusolwa ukuthi bebeziphindiselela.
Lezi zigameko zaholela odlameni iqulu labantu lashisa imizi emine.
Amaphoyisa abopha abantu abangu-42 ngoMsombuluko kodwa badedelwa ngaphandle kokuvela enkantolo, kubika iSowetanLive.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter