kwaMashu - Kusuke uthuthuva esiKhungweni soMphakathi sezeMpilo kwaMashu abahlengikazi bebhikishela ukuthi kuxoshwe uMatroni kulesi sikhungo.
Laba bahlengikazi bashiye iziguli futhi bafunga bagomela ukuthi ngeke babuyele emsebenzini uma esasekhona lometroni, kubika iDaily Sun.
Funda nalolu daba:Basinde ngokulambisa abagibeli itekisi ligqamuka ilangabi
Lo matroni usolwa ngokukhetha iphela emasini, futhi kuthiwa lesi sikhungo sishoda ngemithi ngoma umetroni uyanqaba ukusayina izicelo zokuyi-oda.
“Akanendaba nokuvikeleka kwethu. Iziguli zinokuhlasela abahlengikazi kungabi ndaba zalutho. Sabhikisha ngo-Ephreli umnyango wasithembisa ukuthi uzoluxazulula lolu daba kodwa lutho,”kusho abahlengikazi.