Durban - Sekucacele ngisho nengane esakhasa ukuthi angeke isabonakala emcimbini ozoba yindumezulu intandokazi yomculo wegqomu.
Lokhu kusuke ngemuva kwezinsolo ezithi ubize imali eshisiwe uBabes Wodumo ukuze anandise emcimbini obhekwe ngabomvu ozokwaziwa ngeleGqom in Concert ozoba sePavallion Mall eThekwini ohlelwa umphathi we-Afrotainment uMthokozisi “DJ Tira” Khathi.
Abalandeli bale ntokazi efike ngegiya eliphezulu emculweni weGqom, baveze izikhalo zabo ekhasini likaDJ Tira ku-Facebook bathi lo mcimbi bebezowujabulela kakhulu ukuba bekuzonandisa uBabes.
OLUNYE UDABA:Nayi imali uBabes Wodumo ayibizayo ukuze akushayele zonke izingoma zakhe
UZodwa Wabantu, ophatheke kabi ngenxa yokuthi uzobe engayona ingxenye yalo mcimbi, uthe abantu abaziphathe kahle emcimbini futhi uzoba ekhona ngokomoya njengoba ezobe enandisa eMelika.
"Ngiyaweseka kakhulu lo mcimbi, abantu abaziphathe kahle, mina ngizobe nginandisa phesheya kwezilwandle izinsuku ezimbili. Yiyona mbangela yokuthi ngingabi yingxenye yomcimbi," kusho uZodwa Wabantu .
Lo mcimbi uzobanjelwa enxanxatheleni yezitolo i-Pavallion eWestville, eThekwini, ngoMgqibelo.
Abaculi okulindeleke ukuba banandise, kubalwa uKwesta, iDistruction Boyz, uTipcee, uDladla Mshunqisi, uDJ Boonu kanye nabanye.
Amathikithi atholakala eComputicket ngo-R200 kuthi awezicukuthwane abe ngu-R450.
- Instagram: