eNtshanga -UNontsikelelo Blose kanye noXolani Ngcobo bavaleliswe amalungu ezinhlangano zabo njengoba bebengcwatshwa ngeSonto, kubika iNewswatch.
UBlose owabulawa ngeSonto eledlule ngezinsolo zokuthi wabona mhla kubulawa uzakwabo kwi-SACP ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.
OLUNYE UDABA:Kusolwa amaphoyisa ngokuhudula izinyawo eNtshanga
UNgcobo yena oyilungu le-ANC wabulawa ngesikhathi ehlaselwa amalungu omphakathi okusolakala ukuthi bewaziphindiselela ngokubulawa kowe-SACP.
Kusenjalo, eGoli amalungu e-ANC aphelezela uzakwabo uStompie Khumalo, owaquleka washona ngesikhathi kuqokwa iMeya laseGoli.