Bazobuyela enkantolo abasolwa ngokubulala iphoyisa e-KZN

Durban – Amadoda amabili asolwa ngokubulala iphoyisa, uCaptain Dumisani Mhlanzi, kulindeleke ukuba abuyele eNkantolo yeMantshi yaKwaMaphumulo ngoMsombuluko.

UMteleseni Mathonsi, 26, noBheki Sibiya, 39, bavele kafushane enkantolo ngoLwesihlanu, lapho icala labo elifike lahlehliswa khona.

Laba baboshwe ngoLwesithathu ngesikhathi amaphoyisa egasela ehostela KwaMashu.

Kuqubuke impi yezulu lezandla, kwaphetha ngokuthi abanye abasolwa abathathu basale othulini.

Ukuboshwa kwabo kuza ngemuva kokuthi isigejane samadoda saphanga isitolo esiKwaMaphumulo ngomhlaka-23 Febhuwari. Kwathi abasolwa sebebaleka endaweni yesigameko, bavulela ngenhlamvu kwadubuleka uMhlanzi owayengekho emsebenzini ngaleso sikhathi.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele osolwa ngokubulala iphoyisa, walimaza nelinye

UMhlanzi, 54, waphuthunyiswa esibhedlela lapho afike ashonela khona. Ungcwatshelwe eMsinga, KwaZulu-Natal, ngempelasonto edlule.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele ukushayele ihlombe ukuboshwa kwabasolwa.

"Amaphoyisa azoqhubeka nokuqinisa isandla kulezi zigebengu eziyingozi, kumele zihlukane nobugebengu kungenjalo zizozisola. Umfutho wamaphoyisa usuwengezekile manje," kusho uCele.

UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uGeneral Khehla John Sitole naye uwuncomile umsebenzi omuhle wamaphoyisa.


We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
How has the delay in schools' opening impacted your life?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
It's a disaster! We're struggling to manage work and kids at home
39% - 586 votes
It's a struggle, but we learnt lessons from last year's closures
20% - 302 votes
It's a relief, this second wave is bad and kids need to be at home
41% - 612 votes
Vote
ZAR/USD
15.13
(-0.14)
ZAR/GBP
20.70
(-0.11)
ZAR/EUR
18.42
(-0.11)
ZAR/AUD
11.67
(-0.11)
ZAR/JPY
0.15
(-0.86)
Gold
1855.20
(+0.05)
Silver
25.47
(+0.10)
Platinum
1100.00
(+0.44)
Brent Crude
54.81
(-1.30)
Palladium
2352.23
(+0.52)
All Share
63987.92
(-0.29)
Top 40
58886.26
(-0.14)
Financial 15
11685.83
(-2.13)
Industrial 25
86576.24
(+1.21)
Resource 10
62699.98
(-1.34)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo