Durban - Kuchwaze izihlwele ngesikhathi uJacob Zuma owayengumengameli kuleli egibela esiteji ngemuva kokuvela enkantolo ngawenkohlakalo.
"Ngelinye ilanga bayofisa engabe leli cala alizange liqhubeke," esho.
Lawa ngamazwi ashiwo nguZuma ekhuluma nezinkulungwane zabalandeli bakhe abebegqoke imibala yenhlangano i-African National Congress ngaphandle kwaseNkantolo eNkulu eThekwini, KwaZulu-Natal, ngoLwesihlanu ekuseni ngemuva kokuvela kafushane.
Icala lihlale ngo-09:30 kodwa beseliphelile ngemuva kwemizuzu eyishumi.
Icala lihlehliselwe umhlaka-8 Juni.
OLUNYE UDABA:Ngiboshelwe amanqina enyathi, kusho uZuma
UZuma ubhekene namacala angu-16 ahlobene nokuthengiswa kwezikhali.
Ekhuluma ngoMageba ngaphandle kwenkantolo, uZuma uvikele igama lakhe wathi lidicilelwa phansi ngabathile. Uthe icala libuyiselwe ngenxa yezizathu zepolitiki.
UZuma uphinde wathi sekudlule iminyaka engu-13 agcina ukuvela enkantolo ngawo la macala, wasola amaqembu aphikisayo ngokubuyiselwa kwawo enkantolo.
Amaqembu aphikisayo agijime aya enkantolo ngoba abesehlulekile ePhalamende, kusho uZuma etshela izinkulungwane zabantu.
"Abasho ukuthi 'kunezinsolo ngoZuma' kepha bathi 'uZuma ukhohlakele'," esho.
UZuma ubonge abalandeli ngokumeseka.
Ugcizelele ngokuthi yena umsulwa, nakuba ephethwe njengesigebengu.