eGoli - IPhini likaMengameli wezwe uDavid Mabuza wethula inkulo yakhe yokugubha usuku lwamaLungelo Abantu endaweni yaseSharpville.
Isiqubulo sakulo nyaka sithi "Ukukhuthaza nokuqinisa amalungelo abantu ngokuhlukana kwamasiko emphakathini."
OLUNYE UDABA:UMBONO: Kuthiwa wusuku lwamalungelo abantu
Umcimbi wanamuhla uqale ngenkonzo yesikhumbuzo salabo abangu-69 abadutshulwa babulawa kwizidubedube ezenzeka kuyo lendawo.
Lo mcimbi uholwa nguMnyango wezoBuciko namaSiko kuzwelonke ngokubambisana nesifundazwe saseGauteng.
Nansi iNkulumo kaMabuza.