Johannesburg - Kubulawe unogada kwalimala omunye nabanye abantu ngesikhathi kubanjwa inkunzi iveni lemali eKlerksdorp ngoLwesine ekuseni.
Okhulumela oKlebe uCaptain Tlangeleni Rikhotso uthe isigameko senzeke ngezithuba zabo-11:30 ekuseni.
Kuhlaselwe iveni lakwa-G4S Cash Solutions ngemuva kokulanda imali ebhange, iStandard Bank, ekhoneni likaKock no-OR Tambo Street.
Izigebengu, ebezihlome ngezibhamu, zebe isamba semali esingadalulwanga. "Kwenzeke ngokushesha ngemuva kokuba belande imali ebhange kanti bazohlaselwa."
OLUNYE UDABA:BUKA: Konke okwenzekile kubanjwa inkunzi imoto yemali
URikhotso uthe izigebengu zidubule emoyeni zaphoqa onogada ukuba bavule iveni ngemuva, ngaphambi kokubadubula eduze.
Kushone unogada oyedwa omunye waphuthunyiswa esibhedlela. Umshayeli yena akazange alimale.
Kulimale nomunye wabantu abebebukele ngesikhathi kuqhubeka isigameko, naye uphuthunyiswe esibhedlela. "Konke kwenzeke ngokushesha," kusho uRikhotso.
I-video ezungeza ezinkundleni zokuxhumana itshengisa izigebengu ezimbili ziphusha inqola egcwele imali ziyoyifaka evenini yazo yohlobo lwe-Toyota.
Kwenye i-video nayo esenkundleni yezokuxhumana, ozibonele isigameko uthi isibhamu siqhume amahlandla angu-50.
- Tiwtter/amavideo nezithombe:
#CITRobbery North West / Klerksdorp. Outside Standard Bank Midtown. G4S. @MakeSAsafe Watch pic.twitter.com/HbLTLnvBaE
— Yusuf Abramjee (@Abramjee) April 19, 2018
#CITRobbery North West / Klerksdorp. Outside Standard Bank Midtown. G4S. @MakeSAsafe WATCH as gunfire is opened... pic.twitter.com/jLrIxQ5MKz
— Yusuf Abramjee (@Abramjee) April 19, 2018
#Klerksdorp Cash in transit heist pic.twitter.com/nVqbwyfbVr
— Khanyi Ndabeni (@ndabenik) April 19, 2018