BUKA: Lehle layohlala emaqakaleni iphenti kowesimame ekwi-ATM

Durban - Abantu abawuvali umlomo ezinkundleni zokuxhumana abantu ngowesimame owehlelwe yiphenti layohlla emaqakaleni ekhipha imali emshinini wasebhange lakwa-FNB.

Okumangaza abantu abaningi wukuthi leli phenti liqathake layohlala emaqakaleni kodwa umnikazi akazange ezwe lutho.

OLUNYE UDABA:Kuklebhuke iphenti kowesimame ebambana ngequpha nomnikazi wenkulisa

Ubone esesuka ku-ATM esehamba ukuthi kunenkinga emlenzeni yakhe, kanti yiphenti licisha ukumkhuba.

Kule video esisabalale ezinkundleni zokuxhumana, kubonakala ukuthi lomama ubefake iphenti ngaphezi kwama-pentihose ngoba lehle layohlala emabhuzini abewagqokile.

Kule video, esibukwe ngabantu abangaphezu kwabangu-70 000, itshengisa owesifazane ogqoke amabhuzu amnyama, yingubo e-grey nejakhethi e-silver grey, ekhipha imali kwi-ATM enganakile ukuthi iphenti lakhe selehle laze lafika emaqakaleni.

Kubonakala sengathi lo wesifazane akanakile ukuthi iphenti lakhe alisekho endaweni yalo kwaze kwawukuthi uyahamba. Ube esebheka ukuthi akekho yini osibonile isimo sakhe, wabe eseyabaleka.

Iningi ezinkundleni zokuxhumana lithole le video iyihlaya kanti abanye bathe lesi sigameko kufanele sibe yisexwayiso kwabanye abantu besifazane abagqoka iphenti phezu kwe-pantyhose.

Buka nansi i-video ngezansi:

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 5991 votes
It's four more years for Trump
54% - 7068 votes
Vote
ZAR/USD
16.34
(+0.62)
ZAR/GBP
21.39
(-0.37)
ZAR/EUR
19.38
(+0.46)
ZAR/AUD
11.61
(-0.08)
ZAR/JPY
0.16
(-0.16)
Gold
1924.66
(+0.77)
Silver
25.16
(+1.77)
Platinum
889.83
(+2.34)
Brent Crude
43.05
(+1.28)
Palladium
2387.08
(+0.48)
All Share
55277.45
(+0.01)
Top 40
50844.77
(-0.01)
Financial 15
10048.05
(+0.92)
Industrial 25
74886.80
(-0.90)
Resource 10
54193.27
(+0.75)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo