Johannesburg - Indlovukazi yomdanso kuleli uZodwa Wabantu ihambele eMelika njengoba iyoshaya edume ngazo khona.
UZodwa Wabantu uzowela i-Atlantic Ocean kusasa ebheke eWashington DC lapho "eyotshikiza" khona
UZodwa ngendlela ajabule ngayo ngalolu hambo uze wazibiza ngesihlabani.
"UNkulunkulu uyabukisa, ngevosho nje kuphela," esho.
Lokhu kuza ngemuva kokuba esenandise kabili eLondon ngo-2017 kanti okunye akushilo wukuthi ziseningi izindlela asazozihamba.
"Sengixhumene noNkulunluku, konke sekumi ngomumo. Ngingakhohlwa yi-Afrotainment okuyiyo eyangifukula kanye nomphathi uDJ Tira," kusho lo nontandakubukwa.
- INSTAGRAM:
- Daily Sun