Johannesburg - Indlovukazi yomdanso uZodwa Wabantu, oseke watshelwa ukuthi mubi izikhawu eziningi uthi useze wajwayela ukutshelwa lokho.
Lesi sihlabani sezobumnandi sitshele iTimseLive ukuthi nakuba singenandaba nokuthi abantu bathini ngaso, nokho sikhathazekile ngomyalezo odluliselwa ezinganeni zamantombazane nezabafana okufanele zidlule kule simo asedlule kuso.
"Akusikho ukuthi ngibuhlungu, sengize ngajwayela. Ngisho nakudala ngingakadumi ngangitshelwa ukuthi ngimubi kodwa lokho akusho ukuthi yinto elungile.
OLUNYE UDABA:BUKA: UZodwa Wabantu ebhukuda enqunu
"Ngiqine ngokwanele, ngakho ngiyakwazi ukubhekana nalesi simo, kodwa ngiyazi ukuthi kunenqwaba yezingane zamantombazane nezabafana ezitshelwa lokhu nsuku zonke.
"Abantu bafuna lezi zingane zigcine sezikholwa ukuthi zimbi ngempela futhi lokho akukuhle," esho.
UZodwa ufake i-video enkundleni yezokuxhumana i-Instagram izolo ecela abantu ukuthi bayeke ukumtshela ukuthi mubi.
"Lalelani, musani ukubhala ukuthi ngimubi okungcono ithi aningithandi, yabo! Ngiyakuzwa uma uthi awungithandi kunokuthi ungitshele ukuthi ngimubi. Angeke ngikwazi ukubushintsha ubuso bami, ngenzenjani? Ngibudayise? Ngibudayisele bani? Ngoba nonke anibufuni. Ubuso bami, obami," kusho uZodwa kwi-video.
- Ivideo:
- Dailysun