Durban - Basalengela eweni omasipala iNelson Mandela Bay, Tshwane, ngisho nomasipala waseGoli kanye naseKurhuleni njengoba singakaphumi isinqumo sokusebenzisana kwamaqembu ahamba phambili.
Kubonakala sengathi iDA izomemezela ukusebenza ngokubambisana nelinye iqembu uma ifuna ukuphatha kubo bonke laba bomasipala.
USolly Msimanga okunguyena omelet ukuba iMeya yeDA edolobheni laseTshwane uthi ngeke kulindwe isikhathi eside ukubona ukuthi yini ezokwenziwa ileli qembu ukuqinisekisa ukusebenza ngendlela.
OLUNYE UDABA:I-EFF ivulele i-DA izandla
Iqembu le-EFF elizohlanganisa iminyaka emithathu ilona eliphethe amakhadi abalulekile ukuqinisekisa isikhundla phakathi kwe-ANC kanye ne-DA.
Okwamanje leli qembu eliholwa uJulius Malema alikayikhulumi eyokusebenza ngokubambisana neDA.
NgoLwesihlanu uMalema wakhipha isimemezelo sokuthi uzobambisana neDA uma bengavumelana ngokubeka abantu abansundu phambili babanikeze umhlaba wabo, kubika iCitizen.