Centurion - Inhlangano i-AfriForum ngoLwesine imemezele ukuthi ifuna ukushushisa ngokuzimele umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uJulius Malema ngamacala okukhwabanisa nenkohlaklo.
Isimemezelo senziwe eCenturion ngoLwesine ekuseni yinhloko yezokushushisa kwi-AfriForum, u-Advocate Gerrie Nel.
Lowo owayenguMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela embikweni wkhe wango-2012 wathola ukuthi uMalema wahlomula kungafanele kwithenda ka-R52-million eyanikhishwa nguMnyango wezemigwaqo eLimpopo Roads uyinikeza i-On Point Engineering.
UNel uthe iicala le-On Point lakhishwa enkantolo ngo-2015 ngenxa yokuthi omunye wabasolwa wayegula.
Phambilini le nhlangano yesabisa ngokuthathela izinyathelo zomtheho i-EFF noMalema ngamazwi ‘anokucwasa ngokwebala’ awasho ngoMashi.
OLUNYE UDABA: I-ANC eNorth West ngeke ivotele ukukhipha uNdunankulu - Duarte
UMalema kuthiwa wathi abantu kumele bakujabulele ukuthii-EFF ayizange ifune kubulawe abantu.
UMalema uziphendulele enkundleni yezokuxhumana u-Twitter wathi ubalindele labo abacwasa ngokwebala, akabesabi nakancane, wazalwa emi ngomumo yena!
Uphinde wathi akubona abelungu abazonquma ngekusasa lakhe, kodwa ngabantu abampofu.
Ngo-Okthoba nyakenye, i-Afriforum yamemezela ukuthi izoshushisa uDuduzane Zuma, indodana kaJacob Zuma, ngecala lokubulala ngokungenhloso, kulandela ingozi yomgwaqo eyabulala u-Phumzile Dube ngoFebhuwari 2014.
Nakuba uphenyo lwaveza ukuthi uDuduzane waba nobudedengu, iNational Prosecuting Authority (NPA) yanquma ukungamshushisi ngo-Agasti 2015.