I-AfriForum izoshushisa indodana kaZuma ngengozi yango-2014

Pretoria - Uphiko oluzimele lokushushisa olungaphansi kwe-AfriForum selumemezele ukuthi umuntu wokuqala elizomshushisa nguDuduzani Zuma ecaleni lokubulala ngokungenhloso.

INhloko yabashushisi u-Advocate Gerrie Nel, yiyo ememezele lokhu namuhla ekuseni, eCenturion.

OLUNYE UDABA:I-NPA ithi iphoxekile ngendodana kaZuma

Isisulu, uPhumzile Dube, washona ngoFebhuwari 2014 ngesikhathi imoto kaZuma yohlobo lwePorsche ishayisana netekisi.

Yize kunjalo uphenyo lwathola ukuthi ubudedengu bukaZuma obaholela kule ngozi, iNational Prosecuting Authority (NPA) inqume ngo-Agasti 2015 ukuthi angeke ize imshushise.

Lo mndeni wathola u-R5 000 kusoseshini wamatekisi, asikho esinye isinxephezelo abaphinde basithola.

"Umndeni awukaze uphinde uthole esinye isinxephezelo," kusho uNel.

Uqhube ngokuthi bafuna ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uyalingana phambi komthetho. "Ngokwethu akumele kube khona ukukhetha iphela emasini uma kushushiswa abantu."

UKallie Kriel we-Afriforum uthe: ''Akekho umuntu ongaphezu komthetho ngisho noma kungathiwa isibongo sakho ungowakwaZuma, noma ngabe ubaba wakho ungumengameli wezwe."



We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Is social media doing more harm than good?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, our children are exposed and we can't protect them
49% - 4284 votes
Yes, but social media is part of the new reality
46% - 3964 votes
No, it's great for growing a child's world view
5% - 438 votes
Vote
USD/ZAR
14.05
0.0%
GBP/ZAR
19.67
0.0%
EUR/ZAR
17.10
0.0%
AUD/ZAR
11.03
0.0%
JPY/ZAR
0.13
0.0%
Gold
1,831.32
0.0%
Silver
27.45
0.0%
Palladium
2,929.64
0.0%
Platinum
1,256.50
0.0%
Brent Crude
68.28
+0.3%
Top 40
62,573
+1.4%
All Share
68,520
+1.4%
Resource 10
71,474
+2.1%
Industrial 25
86,856
+0.9%
Financial 15
12,711
+1.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo