I-ANC eKZN ihlela imigubho yokwamukela uZuma ekhaya

Durban - I-African National Congress KwaZulu-Natal isizwakalise ukuthi izohlela imigubho yokwamukela uJacob Zuma ekhaya njengoba esephumile e-Union Buildings.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi uZuma esulile njengomengameli wezwe ngoLwesithathu ebusuku.

Ethula inkulumo esithangamini sabezindaba ngoLwesine, lowo ongumgqugquzeli wekomidi lesikhashana esifundazweni, uSihle Zikalala, uthe bazoqhubeka nokusebenzisa uZuma esifundazweni.

UZikalala utuse uZuma ngokusebenzela i-ANC ngokuzinikela, wancoma nomsebenzi omuhle awenzile.

OLUNYE UDABA: Imibono eyahlukene kuTwitter ngokwesula kukaZuma

"Sizohlela imigubho yokumamukela njengoba esezobuyela ekhaya. Kusho lukhulu enhlanganweni kulesi sifundazwe ukuthi usezoba ngapha umengameli Zuma," kusho uZikalala.

UZikalala uthi ube nomuzwa ongemnandi ngesikhathi uZuma ememezela ukuthi uyashenxa esikhundleni.

"Ukuketulwa kwakhe akukuhle, akuyona into ongayifisela umuntu leyo" esho.

“Besinalowo muzwa nje, bekumuncu kakhulu kodwa-ke lokho akusho ukuthi i-ANC iphambukile ngesinqumo sayo."

Uthe uZuma ube yisisulu sokuningi okungalungile okwenzeka kwipolitiki, kepha wathi yizinkantolo kuphela ezinganquma ukuthi unamacala noma cha.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 4843 votes
It's four more years for Trump
54% - 5750 votes
Vote
ZAR/USD
16.53
(-0.24)
ZAR/GBP
21.43
(-0.20)
ZAR/EUR
19.48
(-0.24)
ZAR/AUD
11.64
(+0.05)
ZAR/JPY
0.16
(-0.17)
Gold
1902.32
(-0.02)
Silver
24.47
(+4.66)
Platinum
855.51
(+0.26)
Brent Crude
42.85
(-0.67)
Palladium
2334.28
(+0.69)
All Share
55161.03
(+0.21)
Top 40
50741.94
(+0.09)
Financial 15
9977.80
(+3.10)
Industrial 25
74762.95
(-0.61)
Resource 10
54129.95
(-0.07)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo