Johannesburg – Usihlalo we-ANC eGauteng uPaul Mashatile uthi i-ANC njengamanje ixoxisana namaqembu amancane futhi bazochitha impelasonto yonke bexoxisana ngokusebenzisana.
Uthe imiphumela yokhetho ikhomba ukuthi komasipala abakhulu abafana nowaseGoli kanye neTshwane akekho ozophumelela ngamalengiso, yingakho sebeqalise izingxoxo namaqembu amancane.
Funda nalolu daba: Izobabela kwenye inkantolo intatheli exoshwe eSABC
UMashatile ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ePitoli ngoMgqibelo.
Uthe nokho ngeke awadalule amaqembu abaxoxisana nawo njenge-ANC ngenxa yokuthi amanye amaqembu awakuthandi lokho.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.