I-ANC izimisele ngokumeseka uZuma - Mantashe

Johannesburg - I-ANC ithi izimisele ngokweseka uMengameli Jacob Zuma kulandela isinqumo seNkantolo yokuDluliswa kwamaCala, kusho uNobhala Jikelele wenhlangano uGwede Mantashe ngoLwesihlanu.

Ubekhuluma engqungqutheleni yokuqokwa kobuholi yomakadebona benhlangano, e-East Rand. 

"Ngabe nathi sizokwenza okubukeka kusesitayeleni sithi akaphume esikhundleni? Yebo, ubhekene namacala amaningi, kumele ahambe; noma sizoza nobuhlakani bokubhekana nale nkinga ehlasele umbutho? Ngiyakholelwa kakhulu ekuhambiseni ngendlela uma ngibhekene nenkinga," esho.

UMantashe uxwayise ngokuthatha isinqumo uholwa yimizwa mayelana nodaba lukaZuma. "Angikholelwa ekuthatheni izinqumo uholwa yimizwa. Uba nokweneliseka ngaleso sikhathi kuthi ngokuhamba kwesikhathi uzisole."

Uthe lesi sinqumo senkantolo siphindisele umbutho ezinsukwini zika-2007 ngesikhathi uZuma ebekwa la macala enkohlakalo okokuqala.

"Sibuyele kuleso sikhathi, nina bomakadebona ngokubona kwenu kumele senzenjani?" ebuza lolu mbimbi, ikakhulukazi i-SAPC.

"Yonke imibutho iyabhekana nezinkinga, kepha lokho akusho ukuthi sekumele sigxume sishiye umbutho uma ubhekene nezikhathi ezinzima."

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Would you choose to continue working from home after the coronavirus lockdown if given the option?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, it's much better for me
40% - 7924 votes
No ways! I can't wait to get back to the office
12% - 2301 votes
A mixture of both would suit me best
48% - 9603 votes
Vote
USD/ZAR
14.27
(+0.4)
GBP/ZAR
19.63
(+0.6)
EUR/ZAR
17.08
(+0.8)
AUD/ZAR
11.04
(+0.6)
JPY/ZAR
0.13
(+0.6)
Gold
1,766.40
(+0.2)
Silver
25.92
(+0.3)
Platinum
1,196.37
(-0.0)
Brent Crude
66.94
(+0.5)
Palladium
2,738.83
(-0.2)
All Share
68,228
(+0.6)
Top 40
62,444
(+0.6)
Financial 15
12,335
(-0.1)
Industrial 25
88,951
(+0.4)
Resource 10
69,643
(+1.2)
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo