Johannesburg – I-African National Congress ngoLwesihlanu ithe isafundisisa isinqumo seNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala sokuchitha imizamo kaMengameli Jacob Zuma neNational Prosecuting Authority, yokuphikisa isinqumo mayelana nokutheswa kabusha amacala enkahlakalo uZuma.
Isicelo sabo sichithiwe base beyalelwa ukuba bakhokhe izindleko zecala.
Okhulumela i-ANC uZizi Kodwa esitatimendeni uthe: "I-ANC iyazethemba izinkantolo zethu kanye namathuba ewanikeza zonke izinhlaka ezingeneme. Ngaleyo ndlela, i-ANC izofundisisa isinqumo bese ilinda isinqumo esizothathwa ngabathintekayo ngaphambi kokuba iphawule ngokugcwele ngalolu daba.”
OLUNYE UDABA: Kubanjwe inkunzi izivakashi eGoli
UZuma ne-NPA bababela eNkantolo yokuDluliswa kwamaCala befuna iguqule isinqumo sango-2016 esakhishwa yiNkantolo eNkulu yasePitoli sokuba i-NPA iguqule isinqumo sayo sokuhoxisa amacala enkohlakalo ayebhekene noZuma ngaphambi kokuba abenguMengameli.
Amacala angu-18 ayebhekene noZuma ahoxiswa ngo-2009, ngaphambi kokuba afungiswe okokuqala njengomengameli, kodwa i-DA yayilokhu ifuna amacala abuyiselwe.