Johannesburg - Nakuba iqembu elibusayo lehlulekile ukuphumelela komasipala abakhulu okubalwa kubona iNelson Mandela Bay neTshwane, uMantashe uthi libenomkhankaso omuhle.
I-ANC izobuyela emuva iyozihlola kahle kulandela ukungenzi kahle okhethweni lohulumeni basekhaya ngenhloso yokuba ibuye ngezinkani kolwango-2019.
Funda nalolu daba: Kufunwa esinye sezikhulu zikamasipala esisolwa ngokubulala intombi
“Sijabulile ngomsebenzi we-ANC. Asinaso isizathu sokusola i-IEC [Independent Electoral Commission]. Sifuna ukukugcizelela lokho,” kusho unobhala jikelele we-ANC uGwede Mantashe.
Uthe babonile ukuthi emadolobheni amakhulu aphethe umnotho izinga lehlile, wathi bazobuyela emuva bazobhekisisa ukuthi konakale kuphi ukuze benza kangcono ngo-2019, kubika iThe Citizen.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.