Johannesburg - I-African National Congress Youth League (ANCYL) KwaZulu-Natal yethembise ngokweseka lowo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma uma esevela enkantolo ngamacala enkohlakalo.
Inhloko ye-National Prosecuting Authority (NPA) uShaun Abrahams isanda kumemezela ukuthi uzophinde athweswe kabusha amacala enkohlakalo uZuma.
USihlalo we-ANCYL esifundazweni, uKwazi Mshengu, uthi sebeqalile ukunxenxa abantu ukuba beseke uZuma ngoba umuntu akenacala kuze kube inkantolo emthola enecala.
OLUNYE UDABA: Kukhuthazwa ubumbano kubo bonke abasebenza embonini yezokuvakasha
UMshengu uthi banethemba lokuthi izinkantolo zizolandela umthetho ecaleni, hhayi okwenzeka kwipolitiki.
“Siyasihlonipha isinqumo se-NPA sokubuyisa amacala abhekene noJaocb Zuma. Siyakuqonda ukuthi amandla ezokushushisa akwi-NPA. Banamandla okuthatha isinqumo sokuthi kumele yini umuntu ashushiswe noma cha.”
UMshengu uphinde wathi ukuba yingxenye kukaZuma emikhankasweni ye-ANC ngeke kulingcolise igama lenhlangano.
- SABC