eNquthu – Iqembu le-Democratic Alliance lithi likhathazeke kakhulu ngokuvikeleka kwamakhansela ayo, kubika i-eNCA.
Lokhu kulandela imibiko yakamuva yokusatshiswa kwalamakhansela ezindaweni ezahlukahlukene.
IKhansela le-DA endaweni yaseNquthu uBonginkosi Zwane uthi usezitholele unogada kulandela ukusatshiswa izikhathi ezimbalwa.
OLUNYE UDABA:IDA izoluyisa enkantolo olwama-etoll eWestern Cape
“Ngathola ucingo lungitshela ukuthi uma ngingavoteli i-ANC ngizozisola. Lo muntu owayengishayele wangitshela ukuthi uyazi ukuthi ngihlala kuphi futhi nezingane zami aziphephile,”kusho uZwane.
Ubuholi baleli qembu buluthathela phezulu lolu daba futhi bathi akukho okuzobenza bahlehle ezinhlelweni zabo zokusiza umphakathi.