Durban - I-National Prosecuting Authority ngoLwesihlanu ivulele usomabhizinisi uThoshan Panday icala, kubika iNewswatch.
Lo somabhizinisi kanye nelinye iphoyisa eliyisikhulu basolwa ngokuzama ukufumbathisa oKlebe.
UPanday kanye noColonel Navin Madhoe basolwa ngokuzama ukufumbathisa iphoyisa uJohan Booysen.
OLUNYE UDABA:Usomabhizinisi ufake iVodacom enkantolo
Laba bebefuna ukunikeza uBooysen imali engango-R2m ukuze ahlehlise usuku lokukhishwa kombiko omayelana namathenda abiza uR60m
Lokhu kulandela imibiko eyakhishwa abe-PriceWaterhouseCoopers lapho kwavela khona ukuthi uPanday wenza ingcebo yakhe ngokufumbathisa izikhulu zamaphoyisa kanye nalolo ongumkhuzi wamaphoyisa eThekwini uMmamonnye Ngobeni.