Johannesburg - IPremier Soccer League (PSL) isinqabile ukuphendula imibuzo ngokuthi kungani kuthathe isikhathi eside kangaka ukuthi imali engu-R5 million yomshwalense kaSenzo Meyiwa ifinyelele ezandleni ezifanele.
Ezinyangeni ezine ezedlule i-PSL yamemezela esidlangalaleni ukuthi le mali izoya ezinganeni zikaMeyiwa, kubika i-IOL.
Lo nozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana wadutshulwa ekubo kalowo owayeyintombi yakhe uKelly Khumalo ngo-2014.
Kuzokhumbuleka ukuthi sekukaningi ubaba kaSenzo, uSam Meyiwa, eya emaphepheni ekhala ngendlala.
OLUNYE UDABA: Ubaba kaSenzo Meyiwa ufuna u-R1 million athenjiswa wona
USam uthi kuze kube yimanje abakayitholi imali kaSenzo kanti lokho kwenza impilo ibe nzima ekhaya ngoba nguye obebondla.
"Kuze kube yimanje i-PSL ayikayikhiphi imali kaSenzo. Sidonsa kanzima ekhaya ngoba nami angisebenzi. Siyayidinga le mali ukuthenga ukudla kanti nezingane kumele zifundile,” esho.
Okhulumela i-PSL uLux September unqabile ukuphawula wathi: “Khulumani ne-Orlando Pirates ngalolu daba, mina ngeke ngikwazi ukuphawula ngalo.”