Durban - AbakwaSouth African National Blood Service ezweni lonke bacela ukuba izakhamuzi zinikele ngegazi njengoba kubhekwe emaholidini ePhasika.
I-SANBS inxuse ukuba abantu ukuba baphume ngobuningi babo beyothekela ngegazi njengoba lizodingeka kakhulu kulesi sikhathi samaholidi.
Bathi igazi elikhona njengamanje KwaZulu-Natal elezinsuku ezingu-1.9 uma kuqhathaniswa nezinsuku eziyisihlanu ezibekiwe.
OLUNYE UDABA:Abakwa-SANBS bacela kunikelwe ngegazi kuyaphuthuma
USifiso Khoza uthe badinga kakhulu igazi lohlobo luka-Group O ezimweni eziphuthumayo.
"Singathokoza ukunikelelwa ngamayunithi egazi angu-4 500. Kungasisiza ukudlula kula maholidi ePhasika," kusho uKhoza.