Johannesburg - Kubikwa ukuthi iSuperSport United ingase isayinise umdlali ofunwa yiPolokwane City, uChristophe Martin-Suarez.
Lo mgadli waseBelgium sekuphele amasonto amabili ezama inhlanhla kwiPolokwane City kodwa leli qembu belingakamnikezi inkontileka.
Nakuba umqeqeshi weCity uLuc Eymael ephakamise kubaphathi ukuthi abamsayinise lo mdlali, ngokombiko weKickOff.com aMatsatsantsa angase abaphuce iqatha emlonyeni, lo mdlali ajoyine leli qembu laseTshwane.
Funda nalolu daba: Usenomazisi wakuleli umdlali weChiefs
Ngokusho komthombo osondelene nalo mdlali, i-United ixhumane nemenenja yalo mdlali ngemuva kokuba imbone edlala kahle ngesikhathi iCity ibhekene neSuperSport.
“Umqeqeshi ubefuna uSuarez asayine kodwa abaphathi bahudula izinyawo,” kusho umthombo.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.