Durban - Iqembu le-Afrosoul iThe Soi isezinhlelweni zokuthathela uSiya Msomi izinyathelo zezomthetho.
Imithombe yephephandaba iSunday Sun ithi abaphathi be-Native Rhythms okuyiyona ephethe leli qembu labaculi abathathu bafuna ukuhlawulisa uMsomi okunguyena umhleli womcimbi i-Ugu Jazz Festival.
OLUNYE UDABA:I-The Soil izitholele indoni yamanzi
Kuthiwa laba banandisa kulo mcimbi ngethemba lokuthi bazokhokhelwa ngemuva kwawo kodwa lokho akuzange kwenzeke.
“Sekuphele izinyanga ezimbili kwenzeka lo mcimbi kodwa asikaze sikhokhelwe,”kusho uSipho noVelile abaphathi beNative Rhythms.
Laba bakhala ngokuthi banebhizinisi abaliholayo futhi nabo banezindleko okumele bazikhokhele.