Johannesburg - Ibamba likaKhomishana kazwelonke wamaphoyisa uLieutenant-General Kgomotso Phahlane‚ ugxeke kakhulu isenzo samaphoyisa sokuhlasela izintatheli.
Lo khomishana ubekhuluma emhlanganweni nenhlangano yabahleli iSanef ngoLwesine.
OLUNYE UDABA:Inkantolo ivune izintatheli ezaxoshwa yiSABC
Kulo mhlangano bekukhulunywa ngokuphepha kwezintatheli ezindaweni lapho kube nezehlakalo zobugebengu noma izingozi kanye nokuthunyelwe kwemininingwane yobugebengu kwabezindaba.
UPhahlane ugquguzele ukuba amaphoyisa abe nobudlelwane obuhle nezintatheli esikhundleni sokuba babasabise, Timeslive.