IBaroka FC ingase yenze izinguquko esikwadini

Cape Town – Umphathi weBaroka FC, uKhurishi Mphahlele, uthi angeke axoshwe umqeqeshi weqembu, uKgoloko Thobejane, phezu kwemiphumela engemihle yaleli qembu, kodwa wavuma ukuthi kumele kwenziwe izinguquko.

Leli qembu elisanda kukhushulelwa esigabeni sePSL kuyimanje lihleli emsileni kwiligi njengoba lisawine imidlalo emibili nje vo ngemuva kwemidlalo engu-15, kanti uMphahlele uthi ayikho into ezovimba ukuthi kube khona ushintsho esikwadini kanye nasethimbeni labaqeqeshi.

OLUNYE UDABA: VIDEO: Abawuvali umlomo ngegoli likanozinti weBaroka FC

“Kumele senze izinguquko ezimbalwa. Sisenokumethemba uKgoloko.

“Kodwa sidinga ukumtholela usizo oluthile futhi manje sikhuluma nabantu abambalwa ngombono wokuthola omunye wabo njengeTechnical Director,” uMphahlele utshele iThe Star.

Kodwa-ke uthi yize noma bebona indawo embi abahleli kuyona kwiligi, kodwa abanakho ukuxhamazela ngenxa yokuthi “bebelokhu bedlala kahle”.

Uqhube wathi basebenza ukulungisa inkinga yokuba luthuntu emapalini nokuyimbangela yokungawini, wathi sebecele noSihlalo we-Orlando Pirates, u-Irvin Khoza, ukuthi ababoleke uThabiso Kutumela.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 5412 votes
It's four more years for Trump
54% - 6430 votes
Vote
ZAR/USD
16.46
(+0.21)
ZAR/GBP
21.33
(+0.24)
ZAR/EUR
19.48
(-0.22)
ZAR/AUD
11.61
(+0.34)
ZAR/JPY
0.16
(+0.28)
Gold
1907.17
(+0.24)
Silver
24.62
(+5.30)
Platinum
872.00
(+2.22)
Brent Crude
42.85
(-0.67)
Palladium
2405.00
(+3.19)
All Share
55271.75
(+0.20)
Top 40
50851.62
(+0.22)
Financial 15
9956.35
(-0.22)
Industrial 25
75567.07
(+1.08)
Resource 10
53788.16
(-0.63)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo