Nsuze - NgoLwesine, umsolwa oneminyaka engu-44 ubudala uvele eNkantolo yeMantshi yaseNsuze ngecala lodlame lwasekhaya, ukulimaza impahla kanye nokuphathai sibhamu esingekho emthethweni.
Kukholakala ukuthi lo msolwa ubenengxabano nomkakhe wamgijimisa ngesibhamu igceke lonke ekhaya labo elisendaweni yakwaLuthuli.
Ngesikhathi izingane zizama ukulamula, uphendukele kuzona esongela ngokuzidubula.
Izingane nonkosikazi babalekele kamakhelwane befuna usizo kodwa le ndoda ibalandele khona yaphula amawindi yathatha nomakhalekhukhwini babo.
OLUNYE UDABA:Umfundi 'uxoshelwe' ukubiza uthisha ngomnakwabo
Kubikelwe amaphoyisa ngalesi sigameko, aphuthuma kulo lo muzi eyohlola isimo.
Afike aphuca umsolwa isibhamu nokuyilapho athola khona ukuthi lesi sibhamu sisulwe izinombolo.
Umsolwa waboshwa lapho wagqunywa esitokisini esiteshini samaphoyisa eNsuze.
Kuthiwa umsolwa uyinkanyamba kanti kukaningi enza izigameko ezifuze lesi, nosekuholele ekutheni izingane zakhe zihlale ngokwesaba ekhaya.