Cape Town - Ziyikhalele indoda eneminyaka engu-54 ubudala yasePlumstead ngecala lokudlwengula.
Iziphathimandla zithi umsolwa wahlangana nesisulu, 17, enkundleni yezokuxhumana wasifundisa ucansi.
Kuzwakale ukuthi le ndoda yazenza umuntu omncane ngokweminyaka yancenga isisulu ukuba siyithumelele izithombe singagqokile ngenhla.
OLUNYE UDABA:Kuboshwe indoda 'edlwengule' isalukazi
Le ndoda kusolwa ukuthi yahlela ukubonana nale ntombazane eduzane nasesiteshini sesitimela iRetreat ekuqaleni kwesonto, kodwa ngesikhathi intombazane ifika yathola ukuthi yaqamba amanga ngeminyaka yayo, yafuna ukuhamba.
UWayne Dyason womkhandlu uthe umsolwa kusolakala ukuthi wasabisa isisulu ngokusabalalisa izithombe zaso ezinkundleni zokuxhumana uma sihamba.
"Le ndoda yadlwengula isisulu yasithembisa ukuthi izozidilitha izithombe. Le ntombazane yabe isigoduka izitshela ukuthi sekuphelile kanti akunjalo, njengoba le ndoda yaphinde yayishayela ucingo iyisabisa ngokusabalalisa izithombe."
Umsolwa kulindeleke ukuba avele enkantolo ngoMsombuluko.
- EWN