Durban - Kunemizamo eshosha phansi yokuhlenga ikusasa likaThandanani "Bibo" Ntshumayelo ebholeni ngokumtholela ikilabhu eChina kumbe e-India.
Lo mdlali waseswini usanda kumiswa iminyaka emine ngoba egazini lakhe kutholwe i-cocaine, okuyisidakamizwa esingavumelekile ukusetshenziswa kulo mdlalo olwawula emhlabeni wonke yiFederation of International Football Association (Fifa), kubika iLANGA.
UNtshumayelo, obedlala kwi-Orlando Pirates, usefake isicelo sokubuyekezwa kwalesi sigebo kwiSouth African Institute for Drug Free Sport (Saids). Phambilini iSaids ibimisa umuntu onecala iminyaka emibili kodwa kusukela ngonyaka odlule, bajika umqondo. Ngalokhu bafuna ukuthumela umyalezo oshubile kubadlali abaphula umthetho.
Ngokomthetho, uNtshumayelo unezinsuku ezingama-21 ukufaka isicelo sokwehliselwa isigwebo. Njengoba kunokwesaba ukuthi ngeke sehliswe isigwebo, sekunovalo kubalandeli balo mdlali ukuthi sekuphelile ngaye ebholeni.
Nokho ILANGA lithole ukuthi uTim Sukazi oyiMenenja yalo mdlali odabuka eHeibron, eFree State, uhlela ukuhlenga ikusasa lakhe ngokumtholela ikilabhu eChina noma e-India.
Umthombo oncikene noSukazi uthe: "IChinese Super League ne-Indian Super League kabekho ngaphansi kweFifa. Lokhu kuchaza ukuthi isigwebo asithole kwi-Absa Premiership engaphansi kweSafa ngeke simvimbe ekudlaleni eChina noma e-India."
Uqhuba umthombo uthe uSukazi ulindele isinqumo ngesicelo sabo bese ethatha igxathu lokuxhumana nabantu abaziyo baseChina nase-India ukuhambisa uNtshumayelo. Uma leli qhinga likaSukazi liphumelela, uNtshumayelo uzokuba ngumdlali wesibili ukuphulukundlela ayodlala ngaphandle kwaseNingizimu Afrika.
OLUNYE UDABA: Unxusa ushwele uThandani Ntshumayelo
Ngemuva kokutholwa enecala lokusebenzisa i-cocaine, uLucky "Romza" Maselesele wahamba wayodlala kwiCyprus Turkish Football Association. Le ligi eseCyprus kayikho ngaphansi kweFifa. UMaselesele, owayedlala kwiMaritzburg United ngowezi-2007, wamiswa iminyaka emibili kodwa wakwazi ukuqhubeka nempilo esedlala kude naseNingizimu Afrika.
Uma uBibo ephelela eChina noma e-India, uzokwenza imali enhle kwazise la maligi adume ngokuba nabaxhasi futhi aheha izihlabani zabadlali.
UNtshumayelo akaqali ukuba sematheni ngezinto ezibheke eceleni. Wathethiswa kanzima yiPirates ngemuva kokufaka isithombe ekhasini lakhe le instagram enabadlali bePirates benqunu eduze kwendebe yeNedbank Cup abebeyinqobe kwiBidvest Wits eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngowezi-2014. Nokho waxolisa kwiPirates ngokuyehlisa isithunzi nakubaxhasi bekilabhu.
Imizamo yokuthola uSukazi ukuqinisekisa lolu daba kayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa. Nokho umthombo oncikene naye, ugcizelele ukuthi uSukazi akakafuni ukuyikhuluma nabezindaba eyaseChina nase-India ngoba kuzobukeka sengathi useka ukusebenzisa kwalo mdlali izidakamizwa.