IDistruction Boyz ithi iyivivele impi yobunikazi bengoma eyashisa izikhotha

Cape Town - Iculo elashisa izikhotha leDistruction Boyz elisihloko sithi Omunye lalizuzisa kakhulu leli qembu lomculo weGqom njengoba laze ladayisa igolide ngenxa yokuduma kwalo.

Nokho impumelelo yaleli qembu ilandelwa yizinkulumo njengoba ngasekupheleni konyaka owedlule kwavela imibiko ethi leli culo lebiwa ku-DJ wakuleli, uDJ Lag.

ICity Press yabika ukuthi uphenyo olwenziwa yimenenja kaDJ Lag, uSevi Spanoudi weBlack Major, lwaveza ukuthi isigubhu saleli culo sifana ncamashi naleso esiseculweni likaDJ Lag elithi Trip to New York.

Esitatimendeni esithunyelelwe iphephabhuku iDRUM, uDJ Tira – oyimenenja yeDistruction Boyz – ucacisa ngalezi zinsolo.

Omunye wabhalwa waphinde waphrojuswa nguDJ Mphyd, wabe esewudayisela iDistruction Boyz,” esho.

OLUNYE UDABA: Isidididi ngengoma yeDistruction Boyz oKhozini

“Akukho ngxenye yeculo likaDJ Lag eyasetshenziswa ngesikhathi kuphekwa leli culo elashisa izikhotha elithi Omunye.

UTira uthi labo abathintekayo basebenzisa amandla ezinkundla zokuxhumana ukubhebhethekisa izindaba eziyihaba ngenhloso yokuhudulela amagama abo odakeni kanye nokufaka ungabazane kubona kanye nalabo abasebenzisana nabo kule mboni.

“Kuyabonakala ukuthi uDJ Lag usetshenziswa yizimbungulu ezisebenzisa igama lakhe ukuzikhuphula," kusho uTira ephendula ngodaba olubhalwe yiSunday World.

Lesi sitatimende siphinde sacacisa ngokuthi leli qembu kanye noTira bayilungele impi yezomthetho. "Siyivivele impi yezomthetho."

Nokho, iCity Press, ibike ukuthi uTira usezingxoxweni noDJ Lag mayelana nesivumelwano abangasenza esithinta leli culo.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
38% - 2913 votes
I'll wait to see how others respond
26% - 2022 votes
No, I don't think they need it
36% - 2832 votes
Vote
ZAR/USD
14.94
(+0.60)
ZAR/GBP
20.84
(+0.78)
ZAR/EUR
18.01
(+0.90)
ZAR/AUD
11.62
(+0.31)
ZAR/JPY
0.14
(+0.71)
Gold
1736.15
(-0.14)
Silver
26.83
(+0.22)
Platinum
1203.50
(+0.67)
Brent Crude
64.90
(0.00)
Palladium
2374.00
(+1.39)
All Share
67536.96
(+2.12)
Top 40
62107.04
(+2.23)
Financial 15
12456.31
(+2.10)
Industrial 25
88082.08
(+2.25)
Resource 10
68969.71
(+2.24)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo