Johannesburg - IMamelodi Sundowns ayikaliphosi ithawula ngokuthola umdlali we-jax Cape Town, uMosa Lebusa, kubika iSoccerLaduma.
NgoJanuwari, iSundowns yazama ukuphakamisa ukuba bashintshanisane ngabadlali ne-Urban Warriors kodwa yangaphumelela.
IDowns yathembisa ngokunikeza i-Ajax uMario Booysen ukuze yona ithole uLebusa, kodwa akukho okwenzeka ngaleso sikhathi.
Funda nalolu daba: Akadayisi ofunwa yiDowns
Nakuba kwagcina kuthulakale kanjalo ngaleso sikhathi, leli qembu alikaliphosi ithawula ngalomdlali.
Umthombo osondelene ne-Ajax usudalule ukuthi amaBrazilian axhumane noLebusa akubeka kwacaca ukuthi azimisele ngaye.
Kodwa nakuba kunjalo, i-Ajax imanqika ngokudedela omunye futhi umdlali wasemuva kulandela ukuhamba kuka-Abbubaker Mobara, kubika iSoccerLaduma.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.