Igwetshwe kanzima indoda eyadubula amaphoyisa eNanda

Durban - Igwetshwe iminyaka engu-33 ibhadle ejele indoda yaseNanda kulandela ukulahlwa amacala amabili okuzama ukubulala, ukutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.

UMnqobi Shozi, 29, ugwetshwe yiNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngomhlaka-23 Januwari 2018 ngemuva kokuba imantshi ilalele ukuthi uShozi wawadubula kanjani amaphoyisa ayezama ukumubopha.

"Umsolwa ugwetshwe iminyaka eyishumi icala ngalinye ngamacala amabili okuzama ukubulala, iminyaka eyishumi ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni neminyaka emithathu ngokuthokala nezinhlamvu ezingekho emthethweni," kusho isitatimende samaphoyisa.

OLUNYE UDABA:ISITHOMBE: Amaphoyisa acela ukufuniswa lo 'shayasibhamu'

Kubikwa ukuthi ngomhlaka-6 Okthoba 2016 amaphoyisa aseNanda ayeqhuba umsebenzi endaweni ngesikhathi elandela umkhondo ngamadoda amabili ayesolwa ngokubamba inkunzi abantu endaweni yaseCongo, eNanda.

"Amaphoyisa abe esebona amadoda amabili afana nalawo achaziwe, ngesikhathi esezama ukuwabopha, la madoda avele avulela ngenhlamvu ebhekise emaphoyiseni namaphoyisa aziphindiselela, kwalimala uShozi emlenzeni," kuqhuba isitatimende.

Umsolwa wesibili wakwazi ukubaleka kanti namanje usagcwele amathafa.

UShozi watholakala nezibhamu ezimbili ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu zesibhamu.

UShozi wabe eseboshwa wabekwa amacala okuzama ukubulala amaphoyisa, ukutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.

Ngokwesitatimende samaphoyisa, iBamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, ukwamukele ukugwetshwa kwalo msolwa wathi lokhu kufanele kube yisibonela kulabo abazama ukudubula amaphoyisa uma eqhuba umsebenzi wawo.



We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 7333 votes
It's four more years for Trump
54% - 8455 votes
Vote
ZAR/USD
16.18
(-0.11)
ZAR/GBP
21.11
(+0.32)
ZAR/EUR
19.19
(-0.32)
ZAR/AUD
11.55
(-0.12)
ZAR/JPY
0.15
(-0.13)
Gold
1902.10
(-0.13)
Silver
24.58
(-0.38)
Platinum
903.00
(+2.55)
Brent Crude
42.50
(+1.69)
Palladium
2377.52
(+0.95)
All Share
55339.58
(+0.99)
Top 40
50692.28
(+0.83)
Financial 15
10790.70
(+3.99)
Industrial 25
74905.70
(+1.05)
Resource 10
52561.57
(-0.49)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo