Johannesburg - Ihhovisi likaMengameli seliphendulile ngesinqumo seNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala sokuchitha isicelo se-NPA noMengameli Jacob Zuma sokuba kuguqulwe isinqumo seNkantolo eNkulu eyayalela ukuba sithathwe njengesiphambene nomthetho isinqumo sokuhoxiswa kwamacala kaMengameli.
Esitatimendeni ihhovisi likaMengameli lithi isinqumo, nakuba kungesidumazayo, besilindelekile.
Ihhovisi lithi iNkantolo yokuDluliswa kwamaCala ithe lowo owayeyibamba likaMgqondisi wezokuShushiswa koMphakathi (NDPP) wasebenzisa umthetho okungewona ofanele ngesikhathi ecubungula izethulo zikaMengameli Jacob Zuma ezenziwa kwi-National Prosecuting Authority (NPA).
Ngaleyo ndlela, isinqumo sokuba sokuhoxiswa kwamacala ayethweswe uMengameli Zuma asikho emthethweni.
OLUNYE UDABA: I-ANC ngeke iphawule manje ngesinqumo senkantolo ngoZuma ne-NPA
"Lesi sinqumo sisho ukuthi isinqumo esifanele esathathwa yi-NPA kwakungesokushushisa uMengameli Zuma. Okubaluleke kakhulu, sisho ukuthi izethulo azicubungulwanga kanti okulindelekile manje ukuba i-NDPP izicubungule lezi zethulo ngaphansi komthetho ofanele, bese kuthathwa isinqumo esifanele ukuya phambili.
"Noma ngabe yimuphi umuntu unelungelo lokwenza izethulo zakhe, kulindeleke futhi ukuba kuthathwe isinqumo esifanele.
"Lezi zethulo zizocaca ngokuhamba kwesikhathi, futhi akuzona zonke ezimayelana nalokho okusanda kuvela mayelana nobuqotho noma ukuthembeka kombiko (owenza wathweswa amacala)."