Mutare – Ngemuva kweminyaka engu-65 bethandana futhi sebenezingane ezingu-11 ndawonye, ikhehla laseZimbabwe, eManicaland, elineminyaka engu-94 ubudala selithathe isinqumo sokuba babophe ifindo lo mshado esontweni kule nyanga umama wezingane zalo.
"Uthando esasinalo eminyakeni engu-65 eyedlule lusekhona anamanje,” kusho umkhwenyana uRerutsai Chikomba etshela iphephandaba iManica Post.
Umkakhe, uNaume Nyamhindu, uneminyaka engu-84 ubudala manje, ngokusho kwephephandaba.
Funda nalolu daba: Ukhethe ukuzibulala othole ukuthi une-HIV
Iphephandaba licaphune ukhwenyana ethi: “Ngisamthanda ngoba ungizalele izingane ezinhle ezingu-11 engizithatha njengabafowethu nodadewethu.”
Kuthiwa yizingane zalezi zithandani ezisaphila ezihlele lo mcimbi.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.