Johannesburg - ISouth African Union of Students ikholelwa ukuthi uhlelo lwemfundo yamahhala lungehlisa izinga lobugebengu eliphezulu kuleli.
Inyunyana ibiyenza izethulo phambi kwekhomishana yezimali zokufunda ePitoli.
Ikhomishana eyasungulwa uMengameli Jacob Zuma ngoJanuwari nonyaka, izokhipha umbiko yenze nezincomo mayelana nokuthi ingabakhona yini imfundo yamahhala emazingeni aphezulu emfundo eNingizimu Afrika.
Funda nalolu daba: UNandi Mngoma usenguNandi Madida
Inyunyana ithi imfundo yamahhala ingabakhona eNingizimu Afrika futhi kumele ibekhona ngokushesha ngehloso yokubhekana noma ukulungisa okonakala phambilini.
Izinhlangano zabafundi, amanyuvesi kanye nabanye ababambiqhaza kwezemfundo bazokwenza izethulo zabo phambi kwekhomishana eholwa Jaji Jonathan Heher osewathatha umhlala phansi, kubika iSABC.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.