Imindeni yezisulu zaseLife Esidimeni izonxeshezelwa ngo-R200K

Johannesburg – Imindeni yeziguli ezashona ngemuva kokukhishwa eLife Esidimeni izokhokhelwa u-R200 000 umndeni ngamunye. 

NgoLwesine ekuseni ummeli we-Section 27 u-Advocate Adila Hassim utshele lowo owayeyiphini lenhloko yamajaji uJustice Dikgang Moseneke ukuthi bafinyelele esivumelwaneni noMbuso sokuba imindeni inxeshezelwe ngo-R20 000 wezindleko zomngcwabo nango-R180 000 ngobuhlungu abadlula kubona. 

Imindeni izophinde ithole ukwelulekwa ngokwengqondo kanti futhi kusamele kuvunyelwane ngokuthi sizoba kuphi isikhumbuzo sabashona.

Isivumelwano okufinyelelwe kusona ngesamakhasimende eSolidarity naweSection 27. Amakhasimende eLegal Aid South Africa abengakafinyeleli esivumelwaneni noMbuso.

OLUNYE UDABA: ISITHOMBE: Amaphoyisa acela ukufuniswa olahlekile

Ngasekuqaleni kwesonto kuvele ukuthi zingu-140 iziguli ezasuswa eLife Esidimeni zayiswa ezikhungweni zama-NGOs ezashona.

Kuphinde kwavela nokuthi isibalo sezigulu ezingu-144 ezashona savela ngamaphoyisa, nokusho ukuthi imindeni yeziguli ezine kulezo ngeke inxeshezelwe okwamanje, ngoba zona zingena ngaphansi kolunye uhlelo.

Kuleli sonto kutholakale ukuthi kunesinye isiguli esashona esasingabalwanga kulezi, nokusho ukuthi kuzonxeshezelwa imindeni yeziguli ezingu-141.

- The Star

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 6186 votes
It's four more years for Trump
54% - 7273 votes
Vote
ZAR/USD
16.31
(+0.75)
ZAR/GBP
21.46
(-0.67)
ZAR/EUR
19.35
(+0.57)
ZAR/AUD
11.62
(-0.14)
ZAR/JPY
0.16
(-0.05)
Gold
1924.58
(+0.76)
Silver
25.03
(+1.22)
Platinum
887.00
(+2.00)
Brent Crude
43.05
(+1.28)
Palladium
2396.00
(+0.77)
All Share
55345.49
(+0.13)
Top 40
50905.12
(+0.11)
Financial 15
10138.60
(+1.83)
Industrial 25
74577.70
(-1.31)
Resource 10
54447.94
(+1.23)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo