'Indlela akhule ngayo uWinnie iyona eyamenza wangaba wuvumazonke'

eThekwini - UMengameli wakuleli uMnu Cyril Ramaphosa ukubeke kwacaca ukuthi indlela akhule ngayo nomlando wakhe wezepolitiki uWinnie Madikizela Mandela yiyona eyamenza angavumi ukuvunyiswa noma yini futhi angawuboni umehluko phakathi kwabantu besilisa nabesifazane, ethatha ngokuthi kuyalingwana nje.

UMnu Ramaphosa ukusho lokhu emuva kokuhambela ikhaya likaWinnie eMbhongweni eMbizana esifundazweni sase-Eastern Cape ngaphambili kokuhambela i-Rally yesikhumbuzo ngale ngqalabutho esanda kudlula emhlabeni emuva kokugula isikhathi eside.

Le rally ibithanyelwe abantu abangaphezulu kwezinkulungwane ezingamashumi amabili iqhubeke enkundleni yezemidlalo eyaqanjwa ngongasekho we-ANC uMnu Mphuthumi Mafumbatha.

Iningi losopolotiki ababeyihambele bakhulume bababaza ubuqotho bakhe uWinnie nokuthi ubengathathi noma yini njengoba nasekhaya lakhe ubethathwa njengo nsika.

Ethula inkulumo yakhe umengameli uRamaphosa uthe indawo lapho kwazalelwa khona uWinnie yakhula abantu bayo beziphilela ayifani nezinye izindawo lapho kwafika amakoloniyali ahwebelane nabantu.

OLUNYE UDABA:Ukubuya kukaWinnie Madikizela-Mandela emshadweni kwasisiza kakhulu - Umndeni

Uthe uWinnie akazange aqanjwe njengo mama wesizwe ngoba kwakumnandi ukumqamba kodwa izindlela ezinzima azihambile esikhathini sobunzima sobandlululo ekubalwa kuzo ukuhlukunyezwa amabhunu obandlululo nokuhlukaniswa nomndeni, nekuthe elakuleli selibusa ngentando yeningi kodwa walokhu eqhubekile esho ethi umzabalazo uyaqhubeka.

UMnu Ramaphosa ufanise uWinnie njenge sosha ebelivuka lizithathe lingavumi noma yini ngoba ivunywe ngabanye kodwa ubeyimela into yakhe kangangoba usebenzisane kakhulu nophiko lwentsha kuleli ngoba wayefuna ukuqondisa izinto ezazingenzeki kahle ngaphakathi enhlanganweni kaKhongolose.

“Wayephambili ukulwela ukulingana kwabesilisa nabesifazane, walwela namalungelo entsha. Yingakho ngithi kuni niyintsha yabesifazane nabesilisa nani vukani nithathe lapho ashiye khona umama wesizwe” kusho uRamaphosa. Umchaze uWinnie njengomuntu obengayifuni inkohlakalo nokukhwabanisa.  

Umcimbi wokumkhumbula usazoqhubeka nakusasa esontweni ashadela kulo noMadiba esigidini saseLudeke lapho kulindelwe nabaculi bomculo wokholo abazonandisa.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
37% - 2466 votes
I'll wait to see how others respond
26% - 1760 votes
No, I don't think they need it
37% - 2452 votes
Vote
ZAR/USD
15.09
(-0.16)
ZAR/GBP
21.02
(-0.23)
ZAR/EUR
18.22
(-0.19)
ZAR/AUD
11.62
(-0.25)
ZAR/JPY
0.14
(-0.54)
Gold
1734.50
(+0.02)
Silver
26.67
(+0.05)
Platinum
1186.51
(+0.42)
Brent Crude
64.40
(-2.56)
Palladium
2310.00
(+0.58)
All Share
66138.05
(-1.99)
Top 40
60754.30
(-2.11)
Financial 15
12200.05
(-1.09)
Industrial 25
86144.34
(-0.81)
Resource 10
67459.85
(-4.14)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo