Johannesburg - Inkampani - ingxenye yayo okungeyendodakazi kalowo osezophuma kwesokuba nguNdunankulu eFree State u-Ace Magashule - yathola amathenda angabiza u-R150m okwakha izindlu zomxhaso kakhulumeni ngemuva kokungenelela kunaNdunankulu kumklamo.
INews24 ibika ukuthi i-Unital Holdings, okuyinkampani indodakazi kaMagashule enamasheya angu-30% kuyona, yathola amathenda phakathi kuka-2013 no-2015 okwakha izindlu zomxhaso kahulumeni ngaseBethlehem, eFree State.
OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owabiza iphoyisa ngekhafula
Imiqulu esenkantolo, amaminithi emihlangano kanye neminingwane yemithombo elwazi kahle lolu daba iveza indlela uMagashule kanye nohulumeni wesifandazwe abagxambukela ngayo kumklamo ukuqinisekisa ukuthi i-Unital ithola amathenda eMnyangweni wezokuHlaliswa kwaBantu esifundazweni, ngokusho kombiko.
Umbiko wakamuva wamakhansela kumkhandlu waseDihlabeng uveza ukuthi izindlu ezakhiwa yindodakazi kaMagashule nenkampani akuyona kazikho sezingeni elifanele ukuhlala abantu.
Kuvela nokuthi futhi abantu asebehlala kuzona kabanawo amanzi nogesi kanye nezindlu zangasese.