Durban - Owesifazane waKwaHlabisa, enyakatho yeKwaZulu-Natal, uthi uyazisola ngokwethemba umakhelwane wakhe njengoba lokho kumholele emakhandleleni.
UHlengiwe Nkosi, 30, waKwaHlabisa, eNyakatho yeKwaZulu-Natal, uthi ubemethemba umakhelwane wakhe, nokwenze wamshiya nezingane zakhe ezimbili ngesikhathi yena esayothenga izinto ezithize ezitolo.
Lona wesifazane izingane zakhe, u-Okuhle, 4, noLethukuthula, 2, uzishiye nentombazane yakamakhelwane eneminyaka engu-17 ubudala.
Kuthe uma esebuya, uHlengiwe wathola izingane zakhe zopha kanzima zihlezi ngaphandle kwesango lomuzi wakamakhelwane.
“Bezishaywe kabi ngesando,” esho.
“Le ntombazane iwuSathane. Besizwana kakhulu futhi bengiyethemba uma inezingane zami phambili. Angikaze ngicabange ukuthi kungase kwenzeke lokhu.”
OLUNYE UDABA: Usenkantolo 'owadlwengula' ingane wanika u-R5 eseqedile
UHlengiwe uthi isigameko simfundise ukuba angaphinde ethembe umuntu ngezingane zakhe.
UHlengiwe utshele iDaily Sun ukuthi: “ULethukuthula ubelele ngesisu, enganyakazi, udadewabo yena, u-Okuhle, ubehlezi eceleni kwesango. Bobabili bebopha. Umakhelwane ubesendlini ngesikhathi ngifika.
“Ngibuze ku-Okuhle ukuthi kwenzakaleni, wangitshela ukuthi bashaywe yile ntombazane ngesando. Ngibize abanye omakhelwane, ngabacela ukuba babize namaphoyisa.
“ULethukuthula ngeshwa ushonile ngemuva kwemizuzwana kubizwe amaphoyisa, u-Okuhle yena uphuthunyiswe esibhedlela,” kusho uHlengiwe.
Uthi umakhelwane wakhe ubenolakala nje ngesikhathi embuza ukuthi kwenzakalni. Uthe: “Udiniwe ngoba mina ngihambe isikhathi eside,” kusho uHlengiwe.
Okhulumela amaphoyisa ase-KZN uColonel Thembeka Mbhele uthe: “Kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-17 ubudala ngecala lokubulala nelokuzama ukubulala kanti uzovela enkantolo kungekudala."